
UKhomishana kaZwelonke wamaPhoyisa ophiko lwe-SAPS, uGeneral Fannie Masemola ushayele ihlombe ithimba lakwaSAPS Political Killings Task Team ngokubopha ngokushesha abasolwa abebefunelwa icala lokubulala, uXolani Ndlovu Ntombela.
Idokodo lokubulawa kukaXolani Ndlovu Ntombela liyingxenye yamadokodo angu-121 abuyiselwe kwithimba elijutshwe ukuba liqhubeke nophenyo.
Amadokodo abuyiselwe kwithimba elijutshiwe, ngoLwesine lwangomhlaka-28 kuAugust 2025, kuthe lingakapheli isonto, leli thimba labopha iNkosi yendawo uErick Zuma oneminyaka engu-55 ubudala kanye nkabi eneminyaka engu-23 ubudala ngecala lokubulala lango-2022.
Umufi uXolani Ntombela wadutshulwa wabulawa ngoNovember 2022 esemzini wakhe.
OLUNYE UDABA: Uthule du uMasemola ngezinsolo zamadokodo avalelwe ehhovisi likaSibiya
Uphenyo lokuqala olwenziwa yithimba elijutshiwe kuze kube yimanje luveze ukuthi uNtombela wabulawa ngokudalula ukudayiswa komhlaba ngokungemthetho Emasosheni endaweni yaseMpophomeni eHowick, KwaZulu-Natal.
INkosi yendawo nomsolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseHowick namuhla ekuseni kanti babhekene namacala amaningi okubalwa kuwo elokwakha uzungu lokubulala, elokubulala kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho.
UGeneral Fannie Masemola utuse ithimba ngokuboshwa kwalaba ngokushesha.
“Isikhathi esibekiwe kanye nokuboshwa kwalaba ngokushesha ngemuva kokubuyiselwa kwamadokodo kuyakhuthaza futhi kuyisinyathelo esifanele. Sinxusa ithimba ukuba liqhubeke nophenyo lwalo emadokodweni angu-120 asele. Sidinga ukuxazulula wonke la macala ngoba imindeni idinga izimpendulo nokuvalwa”, kusho uMasemola.
Uphenyo lwamaqembu aqokiwe kusukela ngoJuly 2018 luholele ekugwetshweni kwabasolwa abangaphezu kuka-130 ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokwakha uzungu lokubulala, kusho isitatimende samaphoyisa.
