Kutholakale isidumbu sesihlanu eMsinga

Kutholakale isidumbu sesihlanu kulandela izimvula ezinamandla ezaholela kwizikhukhula eMsinga ngesonto eledlule.

Amathimba abatshuzi athole isidumbu ngeSonto ebusuku.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ungqongqoshe uhambele izindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula eKZN

Izikhulu zithi abantu abayisishiyagalombili babehamba ngemoto ngoLwesine ngesikhathi ikhukhuleka ebhulohweni lasegezwa yibhuloho lase-Infenebude.

Okhulumela iKZN COGTA uSenzwe Mzila uthi, “Lokhu kwenza isibalo sezidumbu esezitholakele zibenhlanu ngemuva kwalesi sigameko esibuhlungu. Amathimba ayaqhubeka nokufuna esinye isidumbu, kanti futhi uNgqongqoshe uphinde wathumela amathimba ukuze aqhubeke nokududuza nokuqinisa imindeni ethintekile.”

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uphinde wazwakalisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile njengoba bebhekene nalesi sikhathi esibuhlungu nesinzima kangaka.

UNgqongqoshe uphinde wancoma amaqembu okusesha nokutakula ngokuzinikela kwawo okungakhathali kanye nokuziphatha kobungcweti ngenkathi esebenza ngaphansi kwezimo ezinzima ezindaweni eziningi zomasipala.

Newswatch