Kubulawe 2 wabasolwa kwesokudubulana namaphoyisa eNanda

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili esigamekweni sokububulana namaphoyisa aseKZN endaweni yaseMzomusha, eNewtown C, eNanda namuhla ekuseni.

Abasolwa batholakale nezibhamu ezimbili.

OLUNYE UDABA: Kubulawe osolwa ngokuba yilungu leqembu lezigelekeqe eNanda

Omunye wabasolwa uyamaniswe namacala okubulala angaphezu kweshumi, okubalwa kuwo nelisanda kwenzeka ngempelasonto edlule.

Kukholakala ukuthi yena kanye nabesolwa naye bayingxenye yeqembu lezigebengu elidumile.

Amaphoyisa abefuna abasolwa abalinganiselwe kwabahlanu, ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi oqale ngemuva nje kwamabili ngoMsombuluko ekuseni, abasolwa ababili batholakale endaweni yaseMzomusha ngosizo lwe-drone.

Ngesikhathi amaphoyisa eqhamuka emzini lapho abasolwa bebecashe kuwo, kube sekuqala ukudubulana okuphethe ngokushona kwabasolwa ababili oneminyaka engu-20 ubudala noneminyaka engu-25 ubudala.

Lo msebenzi wenziwe ngenhlanganisela yamaphoyisa ophiko lwe-SAPS Provincial Tracing Team, i-Inanda SAPS Task Team, i-Sydenham SAPS Trio Task Team, i-SAPS KZN Crime Intelligence kanye nenkampani yonogada i-SA Tactical Enforcement.

Ukuthungathwa kwabanye abasolwa kuyaqhubeka.

IZITHOMBE: