
INkantolo yeSifunda yaseScottburgh, igwebe indoda eneminyaka engu-30 ubudala udilikajele ngokubulala intombi yayo ngoJuly 2024 eMthwalume. Umufi nommangalelwa babethandana benengane.
Ngomhlaka-28 July 2024, ummangalelwa wabona umufi enomunye umlisa olwandle eHibberdene. Ngesikhathi ummangalewa eya kubona, lo mlisa wasuka wahamba washiya umufi nommangalewa. Ummangalewa waqonda umufi wamtshela ukuthi kufanele ngabe usekhaya nengane esikhundleni sokuba solwandle. Ummangalewa wayekholwa wukuthi umufi wayejola nalo mlisa.
Kuthe ngokuhamba kosuku umufi nommangalewa baphinda babonana eshibhini eMthwalume. Ummangalewa waphinda watshela umufi ukuthi akufanele engabe useshibhini. Umufi waphuma wahamba kodwa ummangalewa wamlandela. Kuthe uma ummangalewa efica umufi wamshaya.
OLUNYE UDABA: Ivelile enkantolo indoda esolwa ngokubulala nokugqiba intombi yayo kwelingashoni
Umakhelwane wezwa umuntu ekhala ngasendlini kammangalelwa. Ummangalewa wabonakala ephuma endlini eya esitolo sendawo. Ngakusasa umakhelwane waya ukuyobheka wafica umufi edindilizile embhedeni elimele. Umakhelwane wabona idamu legazi, kwase kubizwa amaphoyisa. Ummangalelwa wabaleka kodwa wabuye wazihanikela emaphoyiseni ngemuva kwezinsuku ezine.
Enkantolo, uMshushisi u-Active Njakazi ubize ufakazi okungumakhelwane, amaphoyisa afika esigamekweni nomphenyi wecala. Kubizwe nodokotela owahlola isidumbu naye wafakaza. Umshushisi ekhonga isigwebo esiqinile, ubize uyise kamufi wafakaza echaza ngobuhlungu obuzwiwe wumndeni ngokudlula emhlabeni kwendodakai yakhe.
Inkantolo igwebe ummangalelwa udilikajele. Ngaphezu kwesigwebo inkantolo ithe lo mlisa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-National Prosecuting Authority iyakwemukela ukuphothulwa kodaba futhi izimisele ukulwa nesihlava sodlame bobulili.
