IZITHOMBE: Injabulo ibibhalwe emehlweni Izwi Lomzansi 98.0FM lelula isandla

Umsakazo womphakathi IzwiLomzansi 98.0 FM welule isandla esikoleni ebesikhala ngokushodelwa wupende njengoba bekunegxenye yamakilasi abengapendiwe, ngemuva kokuthola uxhaso lukahulumeni.

Lesi sikole sinxuse uhulumeni ukuba asipendele isikole aphinde abasize ngezicabha eziyishumi kwezingu-29 zamakilasi nokuvalwa kwezimbobo ophahleni kodwa ngenxa yokubuka isimo sesikole nokuzama ukonga imali uxhaso lwaphelela kupende nokuvalwa kwezimbobo ezimbalwa ezingenisa imvula emakilasini.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE:IHollywood Foundation yethule kabusha izindawo zokuhlala abafundi Ohlange High School

Osukwini lwangoLwesine njengoba umsakazo Izwi Lomzansi belihambele kulesi sikole lihambisa opende, uthishanhloko wakulesi sikole uSbusiso Ntaka udlulise okukhulu ukugubonga emsakazweni ngokuxhasa isikole ngesikhathi siswele kanti usihlalo webhodi elingamele isikole uSiyabonga Mthembu naye udlulise amazwi okubonga esho ukuthi isikole sizobukeka kangcono uma sesipendwe sonke.