
Abanye abahlaziyi bakholelwa ukuthi kufanele kubekwe amacala engeziwe obugebengu kulabo abasolwa ngokudukisa amadoda aseNingizimu Afrika ukuthi ajoyine impi yeRussia ne-Ukraine.
Amadoda angu-17 aseRussia kulandela izinsolo zokuqashwa yilungu lePhalamende le-uMkhonto weSizwe (MK) Party uDuduzile Zuma-Sambudla ukuze ajoyine amabutho ezwe.
Abasolwa abahlanu bavele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoMsombuluko, nabo basolwa ngokuyenga amadoda ukuba alwe empini.
OLUNYE UDABA: Kubalwa nomsakazi we-SAFM kwabasolwa ngokuqasha abantu ukuyolwa empini ye-Russia ne-Ukraine
Nakuba okwamanje bebhekene namacala ngaphansi koMthetho iForeign Military Assistance Act, umhlaziyi wezokuvikela uHelmoed Heitman uthe lokhu kungase kungabi ngokwanele.
“Uma bekungumuntu waseNingizimu Afrika oqashe ngamabomu ukuba asebenze ebuthweni laseRussia futhi amqambele amanga ngakho, kimi, lokho kudlula uMthetho weMilitaru Assistance Act. Uma ubeka umuntu ngamabomu esimweni ube wai kahle ukuthi kunethuba elikhulu lokuthi abulawe, lokho akusikho ukukhwabanisa, kungale kwakho.”
Umhlaziyi wezepolitiki uMpumelelo Mkhabela uthe uZuma-Sambudla naye kungase kudingeke aphendule enkantolo yomthetho. “Omunye yemithetho yokugcina uThabo Mbeki ayisayina kwaba umthetho ophathelene nama-mercenaries, ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abavunyelwe ukwenza noma yimiphi imisebenzi yama-mercenaries kwamanye amazwe. Uma indodakazi kaZuma ibandakanyeka ngempela, lokho kungaba yicala.”
