Iziphathimandla zixwayisa ngokushayela budedengu ku-N3 Toll Route

Iziphathimandla zomgwaqo ziphakamisa ukukhathazeka okukhulu ngokushayela budedengu nangokungabekezeli okuqhubekayo ku-N3 Toll Route.

Lokhu njengoba ukwanda kwezimoto ngesikhathi samaholide kukhula.

OLUNYE UDABA: Uhlawuliswe enkulu imali ummeli wase-E Cape obanjwe ehamba ngesivinini sika-220km/h emgaqweni

Naphezu kwesimo sezulu esimanzi kanye nezixwayiso ezicacile, abashayeli abaningi bayayishaya indiva imikhawulo yejubane kanye nezimpawu zomgwaqo, okubeka izimpilo engozini.

Ngenxa yalokhu, i-N3 Toll Concession yeluleka abashayeli ukuthi babuyele ezimisweni zokuphepha emgwaqweni eziyisisekelo ukuvimbela izingozi nokufa.

UThania Dhoogra we-Concession uthe abashayeli kudingeka baqaphele kakhulu.

eNCA