UBheki Cele usishaye indiva isimemo sokuba avele phambi kwekomidi lesikhashana ePhalamende

Owayengungqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usishaye indiva isimemo sokuba avele phambi kwekomidi lesikhashana ePhalamende lapho lizophenya ngezinsolo ezinkulu ezenziwa uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, naphezu komnqamulajuqu wokuphendula ngomhlaka-10 September.

Ikomiti elihlangane kuleli sonto lizwe ngoNobhala walo ukuthi uCele wathintwa ngomhlaka-8 Seotember kodwa ubengakaphenduli kuze kube yimanje.

OLUNYE UDABA:UMalema unqabe ukuqokwa njengoSihlalo wekomidi lesikhashana eliphenya ngokushiwo nguMkhwanazi

UMeluleki Omkhulu weKomidi u-Advocate Norman Arendse ukuqinisekisile ukuthi uCele usenguye yedwa ufakazi oseqophelweni eliphezulu obengakaze axhumane naye.

“Ngaphandle kukaBheki Cele, besingakaluqinisekisi usuku lomhlangano wokudingida isitatimende,” etshela amalungu ePhalamende.

Ezinye izikhulu eziphezulu okubalwa kuzo iBamba likaNgqongqoshe uFiroz Cachalia, uKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola, noNgqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu, bayahambisana nezicelo zokuthi kuhlanganwe, kusho u-Arendse.

IOL