
Amaphoyisa athole indawo lapho kukhiqizwa khona utshwala bohlobo lukagologo i-Vodka obungekho emthethweni.
Kuthiwa kuxutshwa i-ethanol namanzi ifakwe ebhodleleni le-Smirnoff lapho kukhizwa khona utshwala obungekho emthethweni endaweni ekuLinda Mnomiya eMlazi lapho okukhiqizelwa eningizimu yeTheku.
Okhulumela amaphoyisa kamasipala waseThekwini uCol Boysie Zungu uthe umkhankaso oqhutshwa ngezobunhloli uholele amaphoyisa kule ndawo ngoLwesibili.
“Amaphoyisa abambe abantu okusolwa ukuthi bakhiqiza utshwala obungekho emthethweni, babufake emabhodleleni eSmirnoff ukuze bezodayisela umphakathi.
OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Kuboshwe obekhiqiza utshwala bomgunyathi
“Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo, abambe oqotsheni umuntu ematasa exuba amanzi ne-ethanol ukwenza utshwala bomgunyathi.”
Kutholwe inqwaba yezinto zokwenza lobu butshwala:
● 5 × 25L containers of pure ethanol
● 4 × 5L containers of pure ethanol
● 6 × 750ml bottles of diluted ethanol (falsely branded as Smirnoff)
● 7 × empty Smirnoff bottles
● 1 × cellphone
● Bottle caps and other packaging materials
● Additional equipment and containers used for manufacturing and distribution
Impahla eshaqiwe ilinganiselwe ku-R73,200.00.
Izithombe:






