
ITheku lifake u-R10bn ekwakhiweni kabusha kwengqalasizinda
UMasipala weTheku uhlela ukufaka isamba semali esingu-10 billion wamarandi ukuze kwakhiwe kabusha ingqalasizinda kamasipala.
Okhulumela uMkhandlu uGugu Sisilana uthe lokhu kuza ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana ememezele ukuthi uzohlinzeka iTheku ngoxhaso olungaphezu kuka-3 billion wamarandi ukuze kwenziwe izinguquko kwezokuhwebelana eminyaka emithathu ezayo.
OLUNYE UDABA: “Ukwanda kwabantu emadolobheni okunomthelela ezikhukhuleni zase-KZN”
“Le mali yesibonelelo sikahulumeni izosetshenziswa ukuthuthukisa amanzi nokuthuthwa kwendle, ugesi, nokulawulwa kwemfucuza ukuqinisekisa ukuthi izinsiza zokuhweba ziyazenzela.
“Izinguquko zezinsiza zokuhweba zizoqale zibe nomthelela emanzini nogesi ngonyaka wokuqala oqala onyakeni wezimali ka-2025/26.
Uthe enye imali izongena ezinhlelweni zamanzi nokuthuthwa kwendle eThekwini ukuze kuncishiswe ukumosheka kwamanzi, kuthuthukiswe izinhlelo zama-call centre, kuthuthukiswe ukufakwa kwamamitha amanzi, nokunciphisa ukungasebenzi kahle.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
