Ugwetshiwe owabulala ingane ngoba isimfanela nobaba wayo

INkantolo yesiFunda yase-Oudtshoorn eWestern Cape igwebe owesifazane oneminyaka engu-39 ubudala, iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala.

U-Eric Ntabazalila, okhulumela iNational Prosecuting Authority, uthe uDrezene Jonkerman uvumile ukuthi waklinya indodana yakhe ngemuva kokuba eyibone ifana nobaba wayo ngesikhathi eyigeza.

UNtabazalila uthi wabe eseya esontweni, eshiya isidumbu sakhe ekhaya.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala indodana, 6, eKZN

UNtabazalila uthi inkantolo ilalele ukuthi uJonkerman wayenomlando wokusebenzisa izidakamizwa futhi enobudlelwano obunezingqinamba noyise wengane, nakuba izinsolo zokuhlukumeza zaphikwa futhi kungenabufakazi.

Inkantolo iphinde yaveza ukuthi akakulungele ukusebenza nezingane noma ukuba nesibhamu.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)