Basenkantolo abasolwa ngokuhlasela umshayeli we-e-hailing Kwandengezi

Onogada abathathu ababoshwe endaweni yaKwaNdengezi ngokuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla kanye nokuhlasela kulandela isigameko esibonakala kwi-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana eveza kuhlaselwa umshayeli we-e-hailing, KwaNdengezi, ngoLwesithathu lwangomhlaka-3 June 2026.

Imininingwane yesigameko iveza ukuthi umshayeli wemoto ye-e-hailing wayelanda abagibeli emgwaqweni u-MR518 nokuyilapho avinjwa khona yizimoto ezimbili zenkampani yonogada. Ngenhlanhla umshayeli wakwazi ukuqhubeka nokushayela kodwa walandelwa, imoto yakhe yashayiswa yimoto yomunye wonogada yabe isima.

Ngaso leso sikhathi omunye wonogada kubikwa ukuthi udubule ithayi lemoto ye-e-hailing, kusolwa ukuthi abanye onogada ababili bahlasela umshayeli.

OLUNYE UDABA: Basenkantolo ababoshelwe ukuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni eKZN

Umshayeli uhlengwe ngamaphoyisa abeseduze.

NgoLwesine ekuseni, amaphoyisa aKwaNdengezi axhumane nabamele inhlangano yamatekisi ababambisene nawo nokuyibo abahambise onogada abathintekile esiteshini samaphoyisa.

Abasolwa; abaneminyaka ephakathi kwengu-28, 41 nengu-49 ubudala kulindeleke ukuba bavele namuhla eNkantolo yeMantshi yasePinetown.