
Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-39 ubudala ngezinsolo zokugwaza abulale omunye wesifazane oneminyaka engu-34 ubudala endaweni yaseNgangelizwe, eMthatha, e-Eastern Cape, ngoLwesibili ebusuku.
Kubikwa ukuthi laba bobabili abebehlala endaweni eyodwa baxaba bebanga izinsolo zokuthi umufi ubenobudlelwano bothando nesoka lomsolwa.
OLUNYE UDABA: Udikilajele kowesifazane owanukubeza umfowabo omncane ngokocansi
Ngesikhathi sengxabano, umsolwa kuthiwa ukhiphe ummese wagwaza umufi izikhawu eziningi emzimbeni. Umufi ushonele khona endaweni yesigameko.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMthatha ngecala lokubulala, namuhla.
