
Kubonakala izinto zikhanya kwiqembu laKwazulu-Natal, iMilford njengoba seliqwakele kwiqoqo lemidlalo yamaplay-off njengoba osukwini lwangoLwesithathu beshaye iqembu leMagesi FC ngegoli elilodwa eqandeni.
Lokho kusho ukuthi iMilford isinamaphuzu ayisithupha njengoba emdlalweni wabo wokuqala bakwazile ukuthi beshaye i-Cape Town City.
Emidlalweni esele emibili iMilford kudingeka ukuthi iphinde iwaqoqe amaphuzu agcwele ukuze izifake kwiligi ye-Betway Premiership.
OLUNYE UDABA: Injabulo kubalandeli kubuya imidlalo yeBetway Premiership kusasa
Umdlalo olandelayo weMilford izotholana phezulu ne-Cape Town City ngoMgqibelo wangomhlaka -6 June 2026, mase kuthi umdlalo wokugcina bewuvale neMagesi FC ngomhlaka-13 June 2026.
IMilford uma igcina iphumelele kule midlalo yamaplay-off izokwandisa isibalo samaqembu aKwazulu-Natal kwiBetway Premiership njengoba kukhona Amazulu FC, yiGolden Arrows, yiDurban City kanye neRichard’s Bay.
