
Inhlangano iMarch and March isinqume ukungabe isasebenzisana noNgizwe Mchunu, kulandela umhlangano we-National Executive Committee (NEC) obubanjwe ngoMgqibelo wangomhlaka-25 July 2026.
Le nhlangano ithi lesi sinqumo sithathwe nje, kusalindwe ukuba kuqedwe uphenyo ngezinsolo zokuthi kunabantu bezepolitiki nosomabhizinisi abazama ukuphazamisa ukusebenza kwayo.
INhlangano iphinde yanxusa i-National Prosecuting Authority ukuthi isheshise ukuqulwa kwecala elibhekene nowesilisa ongowokufika osolwa ngokuhlasela uNomthandazo Mbhele nendodakazi yakhe eThekwini. Ithi umsolwa kufanele athole isigwebo esiqinile bese edingiselwa ezweni lakubo uma esegwetshiwe.
OLUNYE UDABA: IMarch and March igxeka uhlelo lukaRamaphosa lokufuduka ngokungemthetho njengolungasebenzi
IMarch and March iphinde yadlulisa amazwi enduduzo emindenini yabaholi bayo abangasekho, u-Andile Mvuyelwa Somgada noThato “Senganga” Molosankwe, yanxusa amaphoyisa kanye ne-NPA ukuba asheshise uphenyo nokuqulwa kwamacala abo.
IMarch and March iphinde yaqinisekisa ukuthi izoqhubeka nemikhankaso yayo yokubhikisha ezweni lonke, okubalwa nowokulwisana nokufuduka kwabantu ngokungemthetho, kanye nombhikisho ozoba ngaphandle kwezindlu leNxusa laseZimbabwe, ifuna kukhululwe isishoshovu saseZimbabwe, uBhekimpilo Mbedzi.





-Nosiphokuhle Gumede, Izwi Lomzansi FM
