
Amaphoyisa asebophe owokufika kuleli, athola nemali engaphezu kwengu-R440 000 ngezidakamizwa nenye impahla ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi.
Le ndoda edabuka eNigeria yatholwa eLamontville, kanti kusolakala ukuthi yathola nezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine.
Le ndoda iyamaniswa nokudayisa izidakamizwa endaweni kanjalo naseMlazi, eChatsworth naseMbilo.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa ngokukhiqiza izidakamizwa eKZN
Ngemuva kokuba le ndoda isiphekwe ngemibuzo, iholele ithimba lamaphoyisa ophiko lweSAPS Economic Infrastructure Task Team, yi-Provincial Drug and Firearm Unit, yi-SAPS eThekwini District kanye ne-Excellerate K9 Unit, efulethini layo eliseMbilo.
Kuleli fulethi, amaphoyisa athole izidakamizwa zohlobo lwe-crystal meth, impahla yokukhiqiza izidakamizwa kanye nemali.
Kushaqwe i-passport nemoto yomsolwa.
Le ndoda kulindelek ukuba ivele maduze enkantolo.
IZTHOMBE:



eNCA
