
Owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala odabuka eZimbabwe udutshulwe wabulawa abasolwa abathathu eRiet River, eVerulam, KwaZulu-Natal ngoLwesithathu.
Onogada bakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) bathole ucingo mayelana nesigameko sokudubula emzini oseRiet Road. Kuthe mabefika ngezithuba zabo-21:49, bezwe ukuthi abasola bebemubiza ngegama umufi. Ngesikhathi kuvuleka umnyango, kuzwakale kuqhuma izibhamu.
OLUNYE UDABA: Kubulawe umndeni eMelmoth, eKZN
Kuphume umakhelwane, eyobheka isisulu wasifica sidindilize edamini legazi namanxeba okudutshulwa entanyeni. Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela sendawo ngeveni kodwa sahlonzwa njengoshonile sifika esibhedlela.
Imbangela yesigameko sokubulala ayikaziwa.
