
UMengameli uCyril Ramaphosa usememezele ikhomishini ezophenya ngezinsolo ezenziwe nguKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi.
Ekhuluma nesizwe ngeSonto kusihlwa, uRamaphosa uphinde wamemezela ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uzothatha ikhefu ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wekhomishini.
UMkhwanazi usola ukuthi uMchunu wathola izinkokhelo kulowo osolwa ngenkohlakalo waphinde wabamba iqhaza ekuhlakazeni ithimba elaliphenya ngokubulawa kosopolitiki ukuze kuvikelwe abantu abaxhumene nepolitiki.
UMchunu uzichithile lezi zinsolo wathi, “yizinkulumo ezenziwa ngaphandle kobufakazi noma inqubo efanele.”
URamaphosa uthe ukuze abhekane nalezi zinsolo kanye nomthelela wazo usungula ikhomishini ezophenya ngezobulungiswa eholwa yiBamba lePhini leNhloko yamaJaji uMbuyiseli Madlanga.
U-Advocate Sesi Baloyi SC kanye no-Advocate Sandile Khumalo SC bazosiza uJustice Madlanga.
URamaphosa uthe ikhomishini lizophenya ngezinsolo zokungena kwamaqembu ezigebengu kwezomthetho, ezobunhloli, kanye nezikhungo ezihambisana nazo ohlelweni lwezobulungiswa kwezobugebengu.
OLUNYE UDABA: UMalema utshele uRamaphosa ukuthi akaxoshe uMchunu
‘Kulezo zinsolo ikhomishini ingase iphenye ngokugqugquzela ubugebengu obuhleliwe; ukucindezelwa noma ukuxhashazwa kophenyo; ukugqugquzelwa ezenzweni zobugebengu ngobuholi bokugcinwa komthetho; ukwenziwa kwanoma yimaphi amanye amacala obugebengu nokusabisa, ukuhlukunyezwa noma ukususwa okuhlosiwe kwabashaya ikhwelo noma izikhulu ezimelana nobugebengu.
“Ikhomishana izophenya ngeqhaza lezikhulu eziphezulu ezikhona njengamanje noma nalezo zangaphambili ezikhungweni ezithile okungenzeka ukuthi zalekelela noma zavimba izenzo zobugebengu ezisolwayo; zehlulekile ukwenza ngokuvumelana nobunhloli obuthembekile noma izexwayiso zangaphakathi; noma ezihlomule ngokwezimali noma ngokwepolitiki ekusebenzeni kwenhlangano.”
Imibiko yesikhashana ilindeleke ngemva kwezinyanga ezintathu neziyisithupha, ngokulandelana.
USolwazi Firoz Cachalia uzongena esikhundleni sokuba nguNgqongqoshe Wezamaphoyisa njengeBamba ekupheleni kukaJulayi.
USolwazi Cachalia ungusolwazi wezomthetho eNyuvesi yaseWitwatersrand futhi ungusihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wokweluleka Ngokulwa Nenkohlakalo.
Phambilini wasebenza njengoNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng, kusho isitatimende.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
