Umfana, 13, ugqekeze emzini womuntu njengosiko lokungena eqenjini lezigebengu eMhlasini, eKZN


Kuboshwe umfana oneminaka engu-13 ubudala ngecala lokugqekeza endaweni yaseMahlasini ngoLwesithathu ntambama.

Kubikwa ukuthi lo mfana uboshwe wumphakathi ngesenzo sakhe.

Amalungu onogada abazimele iReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe kule ndawo kwathi uma efika ahlangana nommangali.

Kube sekutholakala ukuthi umfana osemncane ugqekeze emzini wommangali emini ngoLwesithathu.
Umnikazi womuzi kanye nomphakathi benze olwabo uphenyo babe sebebopha lo mfana.

OLUNYE UDABA: ‘Izigebengu’ ezimbili zase-KZN zizovela enkantolo namuhla

AbeRUSA baxoxisane nalo mfana obeke ukuthi inhloso yesenzo sakhe kuwukujoyina iqembu lezigebengu.

Ukuze abe yingxenye yaleli qembu ucelwe ukuba agqekeze emzini womunut. Lo mfana webe okhiye bemoto, i-log book kanye neselula.Ube esebuyisela okhiye bemoto neselula emuva ngeluva kokuboshwa kodwa wathi i-log book yona ithathwe ngabaholi beqembu lezi gebengu abahlose ukweba imoto yohlobo lwe-Toyota Corolla bakwazi nokushintsha nobunikazi bayo.

Umndeni womfana ufike endaweni yesigameko waxoxisana nommangali ukuthi angalivuli icala lobugebengu.