
Kulimale inqwaba yezingane zesikole samabanga aphansi engozini eMgungundlovu namuhla ekuseni.
Le ngozi yenzeke kuMoses Mabhida Road ngesikhathi itekisi liphaphalaza liphuma onqenqemeni.
Okhulumela aabosizo lokuqala KwaZulu-Natal, uCraig Botha, uthe kudingeke ukuba kuxilongwe izingane eziyisithupha kanye nomuntu omdala oyedwa.
OLUNYE UDABA: Kuphangalale 8 engozini ku-N2 ngaseMpangeni
“Abosizo lokuqala baxilonge izingane eziyisithupha ngokusheshe, ezineminyaka ephakathi kwengu-7 nengu-12 ubudala nomuntu oyedwa omdala. Bonke abalimele bathole imihuzukwa,”kusho uBotha.
Ngemuva kokuxilongwa endaweni yesigameko, abalimele baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole okunye ukunakekelwa nokwelashwa.
UBotha uthe okwamanje imbangela yengozi isaphenywa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
