Kuphangalale 8 engozini ku-N2 ngaseMpangeni


Kushone abantu abayisishiyagalombili engozini eyenzeke ku-N2 ngaseMpangeni KwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi kulimela abanye abangu-16 kuyo le ngozi.

Kukholakala ukuthi iloli elincane ebelithwele abagibeli lishayisane nelikhulu.

OLUNYE UDABA:OwezokuThutha eKZN uphenya ngezingozi ezidlule nemiphefumulo ngempelasonto

Abosizo lokuqala bathi abantu abayisishiyagalombili bahlonzwe njengamashonile khona endaweni yesigameko.

Kulimale kanzima abantu abangu-12, kanti abane basesimeni esibucayi.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha eKZN, uNdabezinhle Sibiya, uthe imoto ebilayishe amalungu angu-24 ebandla iZion Christian Church.

“ Iloli elidonsayo lishayise ingemuva lemoto yohlobo lweHyundai Hyundai H-1, okuholele ekutheni kushone abantu abanye balimala kanzima.

“Abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela kanti uNgqongqoshe ubafisele ukululama okusheshayo.

“Uhlanganise ithimba elizinikele ehhovisi lakhe ukuze lixhumane nebandla nemindeni ngalesi sikhathi esinzima.”

Iziphathimandla sezikuqinisekisile ukuvulwa komgwaqo uN2 kulandela le ngozi.

Lyaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa ngembangela yengozi.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *