
Bebemoyizela into engapheli abafundi abangu-14, abathole imifundaze ehhovisini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. Labafundi banyelwe yinyoni esandleni njengoba lomfundaze ukhokhela konke abazobe bekudinga okuhlanganisa nendawo yokuhlala.
Ngaphambi kokuba ethule abafundi ababe senhlanhleni, uNgqongqoshe Buthelezi uqale ngokubonga abazali balabafundi wathi imiphumela yabo isho ukuthi nabo bakwazile ukudlala indima yabo beseka abafundi ngakho konke abebekudinga yonke leminyaka besemabangeni ehlukene esikole.
‘Siyanibongisa ngokuba nabantwana abakhethe ukusebenza ngokuzikhandla njengoba imiphumela yabo isho njalo. Kunina bafundi kubalulekile ukuthi siniyale ngoba lapho niya khona manje seniyoba nenkululeko eningayijwayele nengagcina inifaka enkingeni uma ningabhekile. Kubalulekile ukuzazi ukuthi ufunani nokuthi laphayana esikhungweni semfundo ephakeme uyokwenzani,’kusho uNgqongqoshe Buthelezi.
OLUNYE UDABA: Abafundi bakamatikuletsheni eKZN balungiselela izivivinyo zokugcina
UShenge uthe kubajabulisa kakhulu ukuthi abafundi abakwaze ukuthola imifundaze bangabanye babenze kahle ezifundweni zabo futhi baphuma ngaphansi kwezifunda zomasipala abahlukene okuhlanganisa uMkhanyakude, iZululand, iKing Cetswayo, neThekwini.
“Kuyasikhuthaza njengohulumeni ukubona abantu abasha beyinaka kangaka imfundo futhi lokhu okwenzeka namhlanje kuzokhombisa nabeza ngemuva kwabo ukuthi nabo basethubeni lokuyithola uma benza kahle. Onyakeni odlule nje bangu-17 abafundi esibafake ezikhungweni zemfundo ephakeme. Okuhle ngalo mfundaze ukuthi ukhokha zonke izinhleko, izincwadi zokufunda nendawo yokuhlala. Siyabonga nakothisha abasebenze ngokukhulu ukuzinikela emsebenzini wabo, ”kuqhuba uShenge.
Egameni labo bonke abafundi abanikezwe imifundaze u-Ayanda Zungu ubonge kuNgqongqoshe wakwaCogta waveza nokuthi ubeseqala ukulahla ithemba ngokuthola umfundaze kodwa ubonga ukuthi ugcine ekwazile ukuthola umfundaze wakwaCogta ozokhokhela yonke into.
“Kufike abakwaCogta kwenzeka konke ngosuku olulodwa kwashintsha impilo yami. Siyabonga kuNgqongqoshe osengubaba wethu ngasenzele khona nakozakwethu ngibakhuthaza ukuthi basebenze kanzima ngoba ukuthola umfundaze akuyona into elula,” kusho u-Ayanda.
Omunye wabazali uNkz Ntuli, okhulume egameni labo ubonge kakhulu kuNgqongqoshe ngakwenzele izingane zabo.
“Ngqongqoshe sibonga ukuthi unike abantwana bethu leli thuba elikhulu kangaka. Lokhu kuyinto enkulu nathi njengabazali nesifisayo ukuthi abantwana bethu bangakhohlwa lapho bephuma khona kepha babuye bazoba ukukhanya nasemakhaya abo,” kusho uNkz Ntuli.
USihlalo weqembu lebhola i-AmaZulu FC, unikelele labafundi ngaba-voucher enani lika-R2000 okuthenga izimpahla zokugqoka kwaWoolworths.



