Intukuthelo ngokushona komfana, 14, obeshayelela ubaba wakhe

Kushone umfana oneminyaka engu-14 ubudala KwaMashu kulandela izinsolo zokushayela imoto ka baba wakhe obecwile ezinkambini zikaFaro, nokuyinto eyenze ukuba inhlangano i-South Africans Against Drunk Driving ixwayise ngezingozi zokusebenzisa kabi utshwala nokushayela usesemncane.

I-South Africans Against Drunk Driving (SADD) ithi ingozi enyantisa igazi eyenzeke KwaMashu, enyakatho yeTheku, iyisikhumbuzo esibuhlungu sezingozi zokusebenzisa kabi utshwala kanye nomthelela wawo ezinganeni.

Umfana oneminyaka engu-14 ubudala ubeshayelela uyise, osolwa ngokuthi wayephuze utshwala, ngeSonto.

Amaphoyisa aseThekwini i-Durban Metro athi imibiko yokuqala iveze ukuthi lo mfana uhlulekile ukulawula imoto ku-M25 eduze kwaseDuffs Road, nokwenza ukuba imoto iphenduke.

Umfana ushonele endaweni yesigameko kwaboshwa ubaba wakhe.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe inqwaba yabashayeli ngamacala okuphula imithetho yomgwaqo eKZN

UCaro Smit, ongumsunguli wenhlangano yokulwa nokushayela uphuzile (South Africans Against Drunk Driving – SADD), uthi abazali kuwumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi izingane zabo azingeni engozini uma bephuza utshwala.

UNdabezinhle Sibiya, okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, ufisele umndeni ukuba uqine njengoba ubhekene nesikhathi esinzima.

“UNgqongqoshe wezokuThutha uSiboniso Duma udlulise amazwi enduduzo emndenini.”

UNgqongqoshe uthi konke okunye bazobhekana nakho ngemuva komngcwabo njengoba bekholelwa ukuthi ngalesi sikhathi, kumele babonise uzwelo nothando.

Newswatch