Kuhlengwe abakuleli ababethenjiswe imisebenzi eThailand

I-Directorate for Priority Crime Investigation (DPCI) izophenya icala lokushushumbiswa kwabantu ngemuva kokutholakala nokuhlengwa kwabantu abangu-23 baseNingizimu Afrika ababeshushumbiselwe eThailand.

La bantu abangu-2 kubikwa ukuthi sebebuyiselwe emakhaya abo.

Leli qembu selibuyele kuleli lisuka eMyanmar ngosizo loMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana kanye Neziphathimandla Zokulawulwa Kwemingce

Ngokwe-SABC, kuthiwa la bantu babebanjwe yinkampani eqashayo eyayibathembisa imisebenzi nezindawo zokuhlala zamahhala.

OLUNYE UDABA: Inkantolo yaseMalawi ivumile ukubuyisela uBhushiri nomkakhe kuleli

UMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana uthi abantu baseNingizimu Afrika abangu-23 bangabanye babantu abangu-700 abavela emazweni ahlukene okusolwa ukuthi bayengwa ezinkundleni zokuxhumana yinkampani ezenza inkampani eqasha abantu.

Esikhundleni sokuba bathole imisebenzi ababethenjiswe yona, kuthiwa babekezelela ukuhlukunyezwa ngokomzimba nokusetshenziswa ngenkani ngemva kokuthuthelwa eMyanmar bengafuni.

Abashushumbisi baphinde bafuna isibonelelo sika-R50 000 ukuze babadedele.

UMnyango uthi izisulu zizohlolwa ngokwempilo njengoba kuqhubeka uphenyo ngalolu daba.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEdit)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *