Alokhu engene njalo awenduduzo ngokudlula emhlabeni kukaMahlaba

Amazwi enduduzo kulandela ukudlula emhlabeni kalowo owayenguMeya waseNewcastle kanye noSihlalo wekomidi leSishayamthetho saKwaZulu-Natal Dkt Ntuthuko Mahlaba.

UMahlaba ushone ngemuva kokushayiswa yimoto eNewcastle ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi egijima.

UNgqongqoshe wezokuThutha kanye nezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uSboniso Duma ubengabokuqala ukudlulisa amazwi enduduzo, wachaza uMahlaba njengomuntu obezinikele ekusebenzeleni umphakathi.

UDuma uthe amaphoyisa ophiko lwe-Road Traffic Inspectorate kanye neziphathimandla zezeomgwaqo zasendaweni zizovumela amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service ukuthi enze uphenyo lwawo.

OLUNYE UDABA:Alokhu engenile amazwi enduduzo ngomlimi odutshulwe washona ePMB

Kwesinye isitatimendeni, lowo okhulumela iSishayamthetho saseKwaZulu-Natal uNontobeko Boyce uchaze ukudlula emhlabeni kukaMahlaba njengokulahlekelwa okukhulu kwesishayamthetho kanye nesifundazwe.

“UMahlaba ube yilungu leSishayamthetho saseKZN emele i-ANC kusukela ngo-Augast 2022 njengosihlalo wamakomiti kanye nelungu lekomidi lobuholi elilawulayo lesishayamthetho ngesikhathi eshona,” kusho uBoyce.

UBoyce uthe uMahlaba uzokhunjulwa ngobuholi bakhe okunokuthula kanye nekhono lakhe lokuhlanganisa abantu.

IPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha uNomusa Dube-Ncube naye udlulise amazwe enduduzo, echaza uMahlaba njengozakwabo othembekile nomngane asondelene naye.

Okwamanje, amaphoyisa aseKwaZulu-Natal avule icala lokubulala ngokungenhloso ngemuva kwengozi edlule nomphefumulo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshuinda uthe amaphoyisa aphenya ngezimo ezizungeze ingozi, lapho kubikwa ukuthi indoda ishayiswe yimoto ku-Allen Street, eNewcastle, ngoMgqibelo ekuseni.