
Abalandeli beDurban City basibheke ngabomvu isinqumo se-PSL osukwini lwanamuhla ngodaba oluthinta icala elifakwe amaqembu agijima kwiMotsepe Foundation Championship mayelana nezinsolo zokuthi iDurban City yasayinisa uSaziso Magawana ngendlela engafanele.
ICity ingompetha abasha beMotsepe Foundation Championship ngemuva kokuthi beshaye iCape Town Spurs ngegoli elilodwa eqandeni osukwini lwangeSonto nokuholele ekutheni leli qembu lishovelwe ehlathini.
Namuhla kulindeleke ukuthi iPremier Soccer league (PSL) ikhiphe isinqumo ngalolu daba njengoba iJDR stars neCape Town Spurs kuyibona abafake icala.
OLUNYE UDABA: OweDurban City uthi konke usekubeke kuMdali ngokubuyela kwiBetway Premiership
Kuzokhumbuleka ukuthi iLeruma United nayo yake yalifaka icala kodwa yaphinde yalihoxisa.
Usihlalo weDurban City, uFarook Kadodia, uthi iyamkhathaza kakhulu indaba yamaqembu aqhamuka ngemizuzu yokugcina lapho sekusongwa khona isizini.
Nakuba kunjalo uKadodia, uthi bazolinda isinqumo sekomidi eliqondisa ubugwegwe bebebheka indlela eya phambili.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
