
Iqembu lasePitoli iSupersports united sekuvele imibiko ethi isidayisiwe. Leli qembu libe nesizini engeyinhle ngaphansi kobuholi buka Gavin Hunt.
Amatsatsatsa asePitoli angeke esaba khona kanti kuvela ukuthi kuzobuya iBlomfontein Celtic njengoba bengacaci abantu abathenge iSupersports united.
Ilokhu iqine njalo ukuthi kunosomabhizinisi waseBlomfontein okuyena othenge iSupersports United ngemali engango-R50 Millions.
OLUNYE UDABA: Ziyaqina ezokudayiswa kwaMatsatsantsa
Sekukaningi osomabhizinisi bezama ukubuyisa isiwelele kodwa kungalungi kanti iPSL kuleli sonto kuvela ukuthi izokhipha isitatimende esigcwele ngokudayiswa kweSupersport united.
Zilokhu zivele njalo izizathu zokudayiswa kweSupersports United njengoba abaphathi bayo bekhala kakhulu ngokushoda kwezimali njengoba besekuba nzima ngisho ukuthi leli qembu liholele abanye abasebenzi balo.
Ukudayiswa kwamaqembu kwiligi yePSL kubona kulokhu kwanda kakhulu njengoba nesikhulu seCape Town city, uJohn Comitis naye uzimisele ngokubuyisa iqembu lakhe ngemuva kokuhluleka ukunqoba kwimidlalo yamaPlay-offs ngesonto eledlule.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
