Lihoxisiwe icala ebelibhekene noDr Khehlelezi

Lihoxisiwe icala lokushayela ngesivinini esiphezulu ebelibhekene noDr Khehlelezi oyinyanga aphinde abengumthandazi. UKhlehlezi waboshwa ngomhglaka-2 March 2026 kodwa wabaleka ngesikhathi amaphoyisa emisile ecela ukuba akhiphe ingcikaca aphinde avumele umshini okhombisa ukuthi ushayela ngesivinini eseqile kunesijwayelekile.

Ngokwemibiko yamaphoyisa uKhehlelezi waveza ukuthi usabela impilo yakhe njengoba kukhona abantu abamfunayo , bemfunela ukumbulala kodwa amaphoyisa abe esemcela ukuba aqonde esiteshini samaphoyisa esiseHibberdene nokwathi uma belandelana bagcina sebengasamboni, waphelela emehlweni. Amaphoyisa lokho akuthatha ngokuthi uyabaleka.

OLUNYE UDABA: Uhlawuliswe enkulu imali ummeli wase-E Cape obanjwe ehamba ngesivinini sika-220km/h emgaqweni

Ngomhlaka-3 kwephezulu amaphoyisa aphinde ahlangabezana naye, waboshwa yiphoyisa ebelikade limbophile ngayizolo. Leli phoyisa labe selimbopha futhi, lamusa ngokwalo esiteshini samaphoyisa okuyilapho okwavulwa khona icala njengoba ayenqabile ukukhipha izincwadi zokushayela nakho konke okunye ababekucela kuye njengoba ayenqabe nokuthi kusetshenziswe umshini wokuhlola isivinini. UKhlehlelezi wadedelwa ngebheyili wavela okokuqala enkantolo ngomhlaka-4 March 2026.

Namuhla icala likaKhehlelezi lihoxisiwe ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseScottburg namuhla. Umshushisi udalule ukuthi uKhlehlelezi ubuvezile ubufakazi bokuthi wayesabela impilo yakhe njengoba ayegijima nokuyilapho aveza khona ukuthi angase ahlaselwe ngaseGalleria Mall njengoba kunabantu abamsabisayo. Akutholakalanga ukuphawula kukaDr Khlehlezi ngodaba lwakhe kwaze kwashicilelwa.