
Owayeyilungu le-ANC ePhalamende uBoy Mamabolo usebuchithile ubulungu bakhe be-ANC ngokukhulu ukushesha.
Encwadini ayibhalele uNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, uchaze leli qembu “njengelihlukumezanayo” futhi lesi simo angeke esasibekezelela.
UMamabolo wasuswa esikhundleni sokuba yiLungu lePhalamende le-ANC ngo-2024.
OLUNYE UDABA: Ithi yenelisekile i-ANC ngokusingathwa kwezinsolo zikaMkhwanazi
Ngaleso sikhathi wasola i-ANC ngokungenzi kahle wafuna ukusihoxisa lesi sinqumo ngezinkantolo.
“Ngabuchitha ubulungu bami ngoba i-ANC isiphenduke ingulube edla izingane zayo,” etshela iJacaranda FM ngoLwesibili.
“Ngalokho ngiqonde ukuthi bayakukhipha ngokusemthethweni ePhalamende futhi bayakuvuma lokho emaphepheni asenkantolo.
“Basuka lapho, sengathi bekungakaneli, bakugixabeze ngesikweletu sika-R300,000 bethi uyabakweleta ngoba ubafake enkantolo.”
UMamabolo uthe usazoqhubeka nokuzama ukubhalisa iqembu lakhe lezepolitiki iMandela For President (MFP).
Imizamo yakhe uokuqala yokubhalisa iqembu ku-IEC yenqatshwa ngenxa yokuphulwa kwemithetho eminingi, okuhlanganisa nokuthi abavoti bangase bahumushe igama elithi “Mandela For President” njengelihlobene nowayengumengameli uNelson Mandela.
