Lisesibhedlela iphoyisa “elibulale indodakazi,10” eKZN

Kusolwa ukuthi iphoyisa elinguSayitsheni lidubule labulala indodakazi yalo eneminyaka eyishumi ubudala eMkomaas, ngaphambi kokuthi libhekise isibhamu kulo lizidubule nalo.

Ngokusho kwamaphoyisa ophiko lwe-SA Police Service(SAPS), “amaphoyisa athole ucingo oluvela esihlobeni sikaSayitsheni okuyiso esabika ukuthi usayitsheni umthumelele umqhafazo oveza ukuthi ukhathele futhi akasakwazi ukumelana nezimo ezithile.

OLUNYE UDABA: Kushone umuntu kugqekezwa emzini oseChatsworth

Amaphoyisa aphuthume efulethini lalo Sayitsheni, kuthe ngemuva kokungena ngendluzulu efulethini amaphoyisa athole umzimba wephoyisa ebelingasebenzi nowendodakazi udindilize phansi edamini legazi.”

Nakuba undodakazi wephoyisa ehlonzwe njengoshonile khona endaweni yesigameko kubikwa ukuthi iphoyisa lixilongwe ngabosizo lokuqala ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

Isibhamu sakhe somsebenzi sitholwe eduze komzimba wakhe.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *