
INkantolo eNkulu eThekwini igwebe amadoda aamahlanu, okunguBongile Mabele, uSiyathemba Mthwana, uNkosayikhethi Njeya, uBongani Mboyiyana noSibusiso Mkhondo, odilikajele ayisishiyagalombili umuntu ngamunye ngamacala okubulala nokuphatha izibhamu kanye nezinhlamvu.
Amacala enzeka ngomhlaka-3 June 2023 ehostela laseMlazi iGlebelands, eMlazi lapho okwabulawa khona uPhakamani Lukhozi, uThamsanqa Shongwe, uMpilo Khumalo, uBongani Mkane, uLungani Sikhobi, uYandisa Msungubali, uNkululeko Lukhozi noMxolisi Mthethwa.
Abamangalelwa babehlala ndawonye ehostela nezisulu kanti futhi abamangalelwa babengabangani bonke, bazana nezisulu. UMabele wayewusihlalo wengxenye ethile ehostela ebheke ukusebenza kwansukuzonke enamandla okwaba izindlu. Kwesinye isikhathi abanye abamangalelwa babemsiza emsebenzini wakhe.
ULukhozi (Phakamani) wayephethe kwenye ingxenye lapho uMabele ayengaphethe kuyo. UMabele wayengazwani kahle noLukhozi ngoba wayenqabe ukumnika ingxenye ukuthi ayiphathe bese yena eba ngaphansi kukaMabele. Kulapho uMabele owanquma khona ukubulala uLukhozi.
Abamangalelwa bahlela ukuthi bamdubule bambulale uLukhozi nabangani bakhe.
OLUNYE UDABA: Azolalela isigwebo sawo amadoda amahlanu abulala abantu eGlebelands
Ngomhlaka-3 June 2023, uLukhozi wayehleli nabangani bakhe khona ehostela. Abamangalelwa bahloma ngezibhamu bagasela khona.
Abanye bama bagada ngaphandle ngesikhathi bengena abanye nezibhamu badubula babulala abantu abangu-8.
Umbiko wokuhlolwa kwezidumbu uveza ukuthi babulawa amanxeba okudutshulwa.
U-Advocate Rakesh Singh ubize ufakazi wombuso ngokuka-Section 204. UMbuso wethule izitatimende zamadoda ayekhona kwenzeka isigameko azibhale eluswe wuNadi Mofokeng oyi-Court Preparation Officer.
Omunye umlisa ubhale ukuthi wayeqala ukubona izidumbu eziningi kangaka futhi usathuthumela. Uthe wayeze eThekwini efuna amadlelo aluhlaza kodwa usevele wahamba esifundazweni.
Omunye umlisa uthe isigameko simdalele ubuhlungu nosizi.
Umuntu ngamunye ugwetshwe odilikajele abangu-8 ngamacala okubulala, iminyaka engu-10 ngelokuphatha isibhamu ngokungemthetho neminyaka engu-5 ngokuphatha izinhhlamvu.
I-National Prosecuting Authority, iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo. Abamangalelwa bakhombisa isihluku nokungabi nandaba nempilo yomuntu. Sinethemba lokuthi izigwebo ezifana nalezi zizoxwayisa nabanye.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
