Ingozi eyenzeke eduzane ne-Spaghetti Junction eThekwini iholele ekutheni kuvalwe u-N3

Ingozi eyenzeke namuhla ekuseni idale ukuthi kuvalwe umgwaqo u-N3 obheke eThekwini ngaseSpaghetti Junction ngaphandle kwedolobha.

Okhulumela abosizo lokuqala i-ALS uGarrith Jamieson uthe babikelwe ngengozi ngezithuba zabo-6.15 ekuseni.

“Abezimo eziphuthumayo bahlangabezane nezingqinamba ekufikeni endaweni yesigameko kuze kwaphoqeleka ukuthi baqhamuke ngomgwaqo ongenela eSherwood ukuze bakwazi ukungena endaweni yesigameko,” kusho uJamieson.

Uma befika endaweni yesigameko bathole izimoto ezimbili zivale umgwaqo.

OLUNYE UDABA: OwezokuThutha eKZN uphenya ngezingozi ezidlule nemiphefumulo ngempelasonto

“Enye yezimoto ibigiqnike amasondo abheka phezulu.

“Abantu abathathu abalimele baxilongwe ngabosizo lokuqala i-ALS endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa ezebhedlela ezahlukene eThekwini ukuze beyothola okunye ukwelashwa,” kusho uJamieson.

Umgwaqo uvulwe ngemuva kokuba iziphathimandla zigudluze izimoto ezibandakanyeke engozini ngama-tow trucks.

“Okwamanje, imbangela yengozi ayikaziwa kodwa zonke iziphathimandla ezidingekayo zibekhona endaweni yesigameko.”

TimesLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *