
I-National Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, iyasithokozela isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu sokugweba uSakhile Phumowakhe Mhlanga udilikajele ekubeni kade edlulise isinqumo ngesigwebo sokudlwengula seminyaka ewu-25 asithola ngo-2017 ngoJune 2016 uMhlanga wadlwengula owesifazane othandana nobulili obufanayo oneminyaka engu-18 ubudala, eMahinga, eNgwavuma.
Ngo-18 June 2016, isisulu sasisesitolo sendawo ngesikhathi ethulwa kuMhlanga. Kuthe kusenjalo uMhlanga wangapholisa maseko wabeka amagama okweshela kwisisulu kodwa samchitha simtshela ukuthi akathandani namadoda kodwa uthanda abesifazane.
Isisulu saphindela lapho esasihlala khona kanti uMhlanga waqhuba isikhathi wasilandela. Wabulala iwindi wangena washaya isisulu wasigwaza. UMhlanga wadlwengula isisulu wasiqhuba waya naso kubo wafika wasidlwengula futhi. isisulu sakwazi ukuphunyuka sabaleka.
OLUNYE UDABA: Ibuyela enkantolo indoda esolwa ngokukhulelisa intombazane, 11
Sathathwa wayothola usizo lwezempilo kwabikwa udaba emaphoyiseni. UMhlanga waboshwa emuva kwezinyanga eziwu-7.
Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi u-Adv. uMandla Mtukushe wabiza isisulu safakaza kwase kufakaza umama waso okunguyena owabikelwa kuqala. Umshushisi wabiza udokotela owahlola isisulu waqinisekisa ukulimala kwaso. Udokotela waveza nokuthi wabona izingozi eziningi emzimbeni wesisuli ngesikhathi esihlola.
Ngomhlaka-14 March 2018, uMhlanga walahlwa ngecala lokudlwengula, nakuba umshushisi wayephakamise isigwebo sikadilikajele kodwa inkatolo yachezuka yamgweba iminyaka engu-25. Inkosi yenkantolo ayichazanga kabanzi izizathu ezaholela ekutheni ichezuke kulesi sigwebo esaphakanyiswa.
Ngomhlaka-19 October 2019 uMhlanga wafaka isicelo sokwedlulisa isinqumo senkantolo nesigwebo wavunyelwa ngomhlaka-20 October 2022.
Ngokwesitatimende se-NPA, ngesikhathi kudingidwa udaba , umbuso ubumelwe wu-Adv. Krishen Shah obephikisa isicelo sokubuyekezwa kwesigwebo ethi uMhlanga kwakufanele agwetshwe udilikajele kwasekuqaleni hhayi iminyaka engu-25.
U-Adv Shah uthe kuyacaca ukuthi isisulu sadlwengulwa ngoba sithandana nobulili obufanayo, ummangalewa enza sakuthi ‘uyamqondisa’.
U -Adv. Shah utshele inkantolo ukuthi uMhlanga akaze akhombise ukuzisola futhi lokhu kudalele isisulu umonakalo weminyaka emoyeni nasenyameni.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu isichithile isinqumo senkantolo eyaqula icala yase igweba uMhlanga udilikajele.
Leli cala liwukunqoba kwi-NPA nakwi-LGBTQIA, kuyakhombisa ukuthi i-NPA izimisele ukushushisa amacala, ivikele zonke izisulu kubugebengu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
