Ube yimpumelelo uMkhosi woMhlanga waseSwazini

Ifisele izilokotho ezinhle izimbali zezwe layo iNgonyama uMakhosetive ‘Mswati III’ Dlamini. UMswati wamukele umhlanga owethulwe yezintombi-nto ebe zivela ezingxenyeni ezahlukene zezwe lakhe ngoMgqibelo.

UMkhosi woMhlanga wakuleliya lizwe ububanjelwe esigodlweni eLudzidzini, kaLobamba, phakathi kwedolobha iManzini nenhloko-dolobha yakhona iMbabane.

 Lo mkhosi uthathe isonto lonke. Uhanjelwa ngisho nangamantombazanyana aneminyaka esukela kweyisikhombisa.

OLUNYE UDABA: Ibe yimpumelelo inkonzo yomkhuleko wamatshitshi eNanda

Owakulo nyaka ubuhanjelwe yizicukuthwane ezivela emazweni ahlukene, okubalwa kuzona uMnu Ian Khama owayengumengameli waseBotswana, uMnu Emmerson Mnangangwa onguMengameli waseZimbabwe, noMnu Jacob Zuma owayengumengameli waseNingizimu-Afrika. 

Phakathi kwabethule umhlanga phambi kweNgonyama uMswati kubalwa nondlunkulu wayo omncane uNomcebo Zuma-Dlamini. UNomcebo waqokwa yiSilo Mswati III kuwona lo mcimbi nyakenye. 

Uyindodakazi kaMnu Zuma ongumngani omkhulu weNgonyama uDlamini. Yethula inkulumo yayo iNgonyama, ifisele izimbali zezwe layo izilokotho ezinhle zonyaka nangonyaka ozayo.

ILANGANewspaper