
Iziphathimandla zohulumeni basekhaya zithi omasipala KwaZulu-Natal bayalelwe ukuthi basuse noma yikuphi ukuvaleka kwemisele yamanzi nezitamukoko ngaphambi kwesimo sezulu esibi okulindeleke ukuba siqale kule mpelasonto.
Izangoma zezulu iSouth African Weather Service zithi kuzoba nesithwathwa, njengoba kulindeleke ukuba likhithike ezifundazweni eziyisishiyagalombili kweziyisishiyagalolunye, okubalwa nesifundazwe iKwaZulu-Natal.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke isimo sezulu esingesihle ezingxenyeni zezwe
Kuphinde kubikezelwe imvula nomoya onamandla ezingxenyeni ezithile zesifundazwe kusukela ngoMsombuluko, ikakhulukazi eningizimu ye-KZN.
Ngesikhathi sezinhlekelele zakamuva, imfucuza nodoti ovale amapayipi ahamba amanzi emvula ibe nomthelela ekukhukhuleni kweminye imiphakathi.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uThulasizwe Buthelezi, uthi bafunde isifundo ngezinhlekelele ezedlule, okwenze ukuthi bathathe izinyathelo ngokucubungula ngokucophelela lezi zimo.
UButhelezi uthe ukulungiswa kwengqalasizinda kuyingxenye ebalulekile yoHlelo Lwezimo Eziphuthumayo esifundazweni.
Uthe basebenzisana noMgcinimafa ukuze kugqugquzelwe omasipala ukuthi babambe u-8% wesabelomali sabo esiqondene ngqo nokusebenza nokunakekela.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
