
Inhlangano yamaphoyisa KwaZulu-Natal, i-Community Policing Forum ithi inethemba lokuthi ukwethulwa kwezinye iziteshi zamaphoyisa angomahamba-nendlwana kuzosiza ngokulwa nobugebengu ezindaweni ezikude kakhulu esifundazweni.
Iziteshi ezintsha zithunyelwa ezindaweni ezinobugebengu eBulwer, KwaMakhutha, eNanda naKwaMbonambi.
USihlalo uMabutho Mtshali uthi izakhamizi zakulezi zindawo zithwele kanzima ngenxa yobugebengu obuphezulu, nokungakwazi ukuthola izinsiza zamaphoyisa isikhathi eside.
OLUNYE UDABA: ICPF yaseNanda inxusa abazali ukuba baqaphe ukuziphatha kwezingane zabo
“Zimbalwa iziteshi zamaphoyisa lezi zindawo ezikhethiwe zinkulu kakhulu ezinamalungu omphakathi amaningi.
“Ngiyaqonda ukuthi ziyashoda iziteshi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho abantu bakhona behamba amabanga amade. Kodwa sibheka indawo lapho kunobugebengu obuningi kuzo. Uma izimali zisivumela, sizoba nezinye iziteshi zamaphoyisa ezingomahamba nendlwana nakwezinye izindawo.”
UNdunankulu uThami Ntuli uthe uyathemba ukuthi lolu hlelo luzogqugquzela abantu abaningi ukuthi baphumele obala.
UNdunankulu ukhulume emcimbini wokwethulwa kweziteshi ngoLwesibili.
“Abantu bazoqala ukubona ukuthi amaphoyisa akhona, bese beqala ukuzihlela kabusha. Ngikhuthaza umphakathi ukuthi uqale ubambe imihlangano ehlose ukulwa nobugebengu kanye namaphoyisa.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
