Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uyavuma ukuthi uyobe uphoxeke kakhulu umu imizam yokubamba iqhaza kwi Womens Turkish Cup kulenyanga ibhuntshike.

iNingizimu Afrika ihlelelwe ukuthi itholane phezulu neTurkey ngoLwesithathu ngaphambili kokuthi itholane phezulu ne-Uzbekistan ngomhlala 18 February bese kuthi ngemva kwezinsuku ezintathu itholane phezulu ne Vennezuela. Ukuzamazama komhlaba kwakamuva okubonakale eTurkey nase Syria sekudale ungabazane ngalomqhudelwano.

iSouth African Football Association (S.A.F.A.) isiqinisekisile ukuthi azikaqinisekiswa izinhlelo zokuthi iBanyana Banyana ibambe iqhaza.

“Uma kukhona okwenzekayo kungase kube iinto yomzuzu wokugcina” kusho uDesiree Ellis.