Kulindeleke indumezulu yemidlalo wezinsuku ezimbili i Khabba Cup nezoqala kusasa Nomgqibelo ezobanjelwa ezinkundleni zezemidlalo iKing Zwelithini, i Glebe nase SJ Smith stadium e Wema.

IKhaba Cup i tournament yaminyaka yonke eyasungulwa ilo owengumdlali webhola lezinyawo eqenjini la Mazulu Fc u Manqoba Mkhize.Kulonyaka angu 32 amaqembu ebhola lezinyawo okulindeleke ukuthi abambe iqhaza kulomqhudelwano kant iqembu elizophumelela kulemidlalo lizomuka nesamba sika R80 000 wamarandi, bese kuthi elizolala indawo yesibili limuke nesamba sika R40 000 wamarandi. Abadlali abazovelela emikhakheni eyahlukahlukene nabo bazohlumula njengoba ozophumelela esokuba i Player of the tournament ezohlomula ngo R2000 wamarandi, bese kuthi abazohlabana kweminye imikhakha njenge Defender of the tournament bahlomule ngo R1000 wamarandi.

Umqeqshi we Family First FC nezobamba iqhaza kulemidlalo u Sanele Mbumbe uthi inhloso enkulu yabo ngokungenela lemidlalo ukuthi abadlali babo babonwe ngamaqembu amakhulu.”Sifisa ukwenza kahle kakhulu kulemidlalo singasheshe siphume njengoba abantu abasuke bezobheka abadlali befika usuphakathi nendawo lomqhudelwano” kusho u Mbumbe.UMbumbe uthi le tournament ingenye yamakhulukazi e Thekwini kanti abayingeneli ngenhloso yokuthola imali kodwa ngenhloso yokuveza ithalente labadlali abanabo. I Family First Fc izodlala umdlalo wayo wokuqala ne Bizana FC e King Zwelithini Stadium kusasa.