Iphume umphefumulo indoda ephahlazeke nemoto emzini womuntu eWestville

Kushone indoda eneminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala engozini yemoto eyodwa eyenzeke ku-M13 ngaseSalisbury Offramp eWestville ngezithuba zabo-01:00 ngoMgqibelo ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo i-ALS kanye nabakwa-ER24 bafike endaweni yesigameko bathola iveni elifohlokile eceleni kwendlu ehlala abantu.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Zilimalile izaguga eziginqike nemoto eVerulam

Abezimo eziphuthumayo bahlole umshayeli nobekunguye kuphela obengaphakathi emotweni, bathola ukuthi yindoda okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala ilimele kakhulu futhi akukho abezimo eziphuthumayo abebengamsiza ngakho yabe isihlengwa njengoshonile khona endaweni yesigameko.

Okwamanje okuholele kule ngozi akwaziwa kodwa amaphoyisa ophiko lwe-SAPS namaphoyisa kaMasipala abekhona endaweni yesehlakalo kanti bazophenya.

ALS Paramedics Medical Services

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)