Osolwa ngokubulala i-Ex uzosilalela namuhla isigwebo sakhe

Indoda esolwa ngokugwaza ibulale owesifazane owayeyintombi yayo endaweni yaseMhlanga kulindeleke ukuba ilalele isinqumo sayo namuhla.

USphamandla Khumalo uzovela eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngecala lokubulala.

UKhumalo usolwa ngokuhlasela uNomfundo Msibi, ongumama wezingane zakhe ezimbili erenki yamatekisi eseduzane naseNxamxathela yezitolo iGateway Theatre of Shopping ngonyaka odlule.

Laba bobabili besebeneminyaka eyisishiyagalombili bethandana.

OLUNYE UDABA: Umndeni uchithe olwamaLungelo Abantu uthungatha owahamba nezikhukhula

Inkantolo ilalele ukuthi uMsibi wabalekela endaweni yaKwaMashu, ebalekela ukuhlukunyezwa wuKhumalo.

Ngaphambilini umndeni walo mfana oneminyaka engu-30 ubudala udalule ukuthi udadewabo wabaxwayisa ngokuthi uyamlandela ufuna babuyelane.

Ngosuku abulawa ngalo, uMsibi waya endaweni yokupaka izimoto eyohlangana noKhumalo ukuze akhokhele iLay-bye esesitolo esikule nxanxathela yezitolo.

Umufi wagwazwa amanxeba angu-22 emzimbeni.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitt

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *