
I-South African Police Service (SAPS) ngoLwesibili ekuseni ithe imizamo yokuthola usomabhizinisi kanye nosopolitiki uBrown Mogotsi, osinde ngokulambisa engozini eVosloorus, empumalanga yeGoli, ngoMsombuluko ebusuku, ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe kuze kube yimanje abaphenyi bathole ukuthi zibalelwa kwezingu-11 izinhlamvu zadubula imoto yohlobo lwe-Chevrolet sedan uMogotsi ayehamba ngayo, ngezithuba zabo-10 ebusuku.
Yize kunjalo, uMogotsi akazange alivule icala ngoMsombuluko ebusuku, wagcina ngokuthembisa amaphoyisa endaweni yesigameko ukuthi uzoya esiteshini samaphoyisa sseVosloorus ngoLwesibili ekuseni ukuyobika isigameko.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa aphenya izinsolo zokuzama ukubulala uBrown Mogotsi
Nakuba kunjalo, ngaphambi kwezithuba zabo-11 ekuseni ngoLwesibili, uMathe uthe imizamo yamaphoyisa yokuthola uMogotsi, ayiphumelelanga. Uthe ukuba khona kukaMogotsi kubalulekile, kodwa icala ngeke livalwe uma engafiki esiteshini samaphoyisa.
“Angeke sikwazi ukuvala icala, sizolixazulula. Kunezinsizakusebenza ezisetshenzisiwe lapha, futhi kukhona abasebenzi abajutshwe endaweni yesigameko ukuyosebezna. Sidinga ukuthola okuholele kulesi sigameko. Akukhathaleki noma uMogotsi uza ngaphambili noma cha ezobhala isitatimende, siyaqhubka nomsebenzi wokuphenya ukuzama ukubulala,” kusho uMathe.
