Kubulawe indoda esigamekweni okusolwa ukuthi ngesokuduna KwaMashu

Kuphume isidumbu esigamekweni okusolwa ukuthi ngesokuduna endaweni yaKwaMashu, enyakatho yeTheku.

Abe-KZN VIP Emergency Medical Services bafike ngokushesha endaweni yesigameko ngoLwesithathu ekuseni, bafica isisulu sidindilizile amamitha ambalwa ukusuka emotweni yaso yenkampani.

UGareth Naidoo uthi indoda eneminyaka engu-52 ubudala itholwe inamanxeba amaningi okudutshulwa yahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowesifazane owabulala indodakazi yakhe KwaMashu

UNaidoo uthi imininingwano yokuqala ithi isisulu sihlaselwe ngabasolwa ababili abebehlomile ngesikhathi siphuma ekhaya laso siya emsebenzini.

Ngesikhathi sengxabano, isisulu sizame ukubaleka kodwa basifica basidubula izikhawu eziningi.

Amaphoyisa afike endaweni yesigameko imini yasekuseni ngoLwesithathu.

I-KZN VIP inxuse noma ngubani ongase abenolwazi ukuthi axhumane neziphathimandla ezifanele.

KZNVIP