USibiya ‘umangele’ ngokubekwa ekhefini eliyisipesheli

ISekela likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke obhekele ukutholwa kobugebengu, uLieutenant-General Shadrack Sibiya, uthe umangale ethola incwadi eshoyo ukuthi ubekwe ilivu eyisipesheli.

Lokhu kuqinisekiswe ngoLwesibili nguKhomishana kazwelonke u-General Fannie Masemola, othe lokhu kusalindwe uphenyo mayelana nezimangalo zikaKhomishana waKwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi.

OLUNYE UDABA: I-SAPU yamukele uphenyo ngezinsolo zikaMkhwanazi

UMkhwanazi usole uSibiya ngokuba nobudlelwano namaqembu ezigebengu angena ngokunyenya emaphoyiseni akuleli i-SAPS.

USibiya uthi uzolusukumela lolu daba.

“Mayelana nokwenzekile, lapho ngithola khona incwadi ethi kufanele ngibe sekhaya ngoba kukhona uphenyo oluqhubekayo ngami, lolo daba, ngiphazamisekile futhi ngimangele ngendlela yokuthi uMengameli umemezele ukuthi kuzoba nophenyo oluzocacisa bese luveza umbiko. Sonke kudingeka sithobele bese silinda ithuba lethu.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)