Balinganiselwa ku-9000 ababoshelwe ukuba kuleli ngokungemthetho ezweni

Umkhankaso obandakanya iminyango eyahlukene okubalwa owezasekhaya, owezempilo kanye namaphoyisa uyaqhubeka ezindaweni ezahlukene zaseLimpopo wokubopha abafuduki abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa wesiFundazwe eLimpopo, uMajor General Jan Scheepers uthi inhloso yalo msebenzi ukukhuthaza ukulandelwa kwemithetho yokufuduka.

OLUNYE UDABA: IMarch and March igxeka uhlelo lukaRamaphosa lokufuduka ngokungemthetho njengolungasebenzi

UScheepers uthi, “Njengamaphoyisa esifundazweni lapha eLimpopo, sinqume ukuthi masibhekane nenkinga siphinde sizibonakalise emphakathini. Sihlezi sithi umphakathi mawungazithatheli umthetho ngezandla. Akekho onelungelo lokuyohlola ubuqiniso bamaphepha abantu abaphuma kwamanye amazwe, lowo wumsebenzi wamaphoyisa kuphela.

“Yingakho sithe asisukume siyozibonakalisa emphakathini, siweseke siphinde sibhekane nalaba bantu abakuleli lizwe abangenawo amaphepha. Sikucacisile ukuthi uma ukuleli lizwe ngokungemthetho, wemza ubugebengu, futhi yilokho esisebenzela phezu kwakho. Wenza ubugebengu.”

Amaphoyisa athi kuboshwe abantu bakwamanye amazwe abangu-8 896 ezweni lonke ezinsukwini ezingu-14 ezedlule ngokusolwa ngokwephula uMthetho Wokufuduka. Abanye balabo ababoshiwe babhekene namacala engeziwe, okuhlanganisa ukubulala, ukudlwengula kanye nokuba nezibhamu ngokungemthetho.

Ngesonto eledlule, amaphoyisa abopha abantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho abangaphezu kuka-800 esifundazweni saseGauteng. ELosberg Kloof Mine eWestonaria, kwaboshwa abasolwa abangu-217 ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi obhekene nodaba lozamazama kanye nobugebengu obuhlobene nakho.

SABC