Sekujutshwe ithimba lezokuphepha kulandela ukudilika kodonga eBuhleni

IMeya yaseThekwini uCyril Xaba uthi onjiniyela, abahloli kanye nezikhulu zezimo eziphuthumayo bazoqinisekisa ukuthi iphrojekthi ihambisana nayo yonke imithethonqubo yokwakha.

Ithimba elihlukahlukene lithunyelwe eNazareth Baptist Church, eNanda ngemuva kokudilika kodonga okushiye abantu abayisishiyagalombili belimele nokuyinto ephakamise ukukhathazeka ngezokuphepha kwezokwakha.

IMeya yaseThekwini uCyril Xaba uvakashele ibandla laseBuhleni ngoLwesithathu ebusuku.

Uthi ithimba lizohlinzeka ngobuchwepheshe kwezobunjiniyela, ukuhlolwa kwezakhiwo, ukwakhiwa kanye nokuphathwa kwezimo eziphuthumayo.

OLUNYE UDABA: Luyaqala uphenyo ngokuwa kodonga eBuhleni, eNanda

UXaba uthi ukuhlolwa kuzokwenziwa ngokuphelele ukuqinisekisa ukuthi iphrojekthi ihlangabezana nemithethonqubo yokuphepha wanezela nangokuthi ayikho indawo yezindlela ezinqamulelayo.

UXaba uthi iDolobha liyabonga ngokuthi akekho oshonile ekudilikeni kwalolu donga futhi lihlinzeke ngosizo lwalo kulabo abalimele kanye nemindeni yabo.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezeMisebenziyYoMphakathi uDean Macpherson uthi ukwakhiwa kwalesi siza kuzoqala kabusha kuphela uma uphenyo seluqediwe futhi zonke izidingo zomthetho sezihlangatsheziwe.

UMacpherson uthi umnyango uzolekelela ibandla kanti ubevakashele kule ndawo ngoLwesibili.

“Okufanele sikwenze uphenyo. Kudingeka siqonde okwenzekile. Kumele sibone ukuthi igebe belikuphi ngoba kusobala ukuthi abekhona amagebe ngesikhathi kwenzeka lokhu.

“Kudingeka sisize isonto ukuvala lawo magebe bese siqinisekisa ukuthi yonke imithetho iyalandelwa.”

Newswatch