Abekho abawine i-jackpot ye-Powerball, kodwa ubeyedwa obambe izinombolo ezinhlanu wawina isizumbulu semali

Abekho abawine i-jackpot ye-Powerball kusukela ngoLwesibili ebusuku, okusho ukuthi i-jackpot ye-Powerball isifinyelele emalini enkulu elinganiselwa ku-R77million yomdlalo olandelayo wangomhlaka-18 July.

Bekukhona oyedwa owinile, okwaze ukubamba izinombolo ezinhlanu kanti uzogoduka no-R453,098.30.

Bangu-131,460 abantu abambe inombolo eyodwa ye-Powerball kanti bawine u-R10 umuntu ngamunye.

OLUNYE UDABA: Inkampani entsha yeLotto: Isizekhaya Holdings iyona ethole iLayisensi yeLotto Kazwelonke

I-jackpot ye-Powerball isigingqike izikhathi ezingaphezu kwezingu-15.

Ngaphezu kwalokho, i-jackpot ye-Powerball Plus nayo ayikawinwa.

Umuntu oyedwa obambe izinombolo ezinhlanu yena wawina u-R183,671.50 esigabeni sesibili.

I-Powerball Plus isigingqike izikhathi ezingaphezu kwezingu-4, kanti i-jackpot elandelayo ilinganiselwa ku-R11million ngomdlalo wangomhlaka-18 July.

Bangu-103,019 sebebonke abantu abambe inombolo ye-Powerball enembile kanti umuntu ngamunye uzowina u-R5.

IOL

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)