Udilikajele kolahlwe ngecala lokudlwengula

INkantolo yeSifunda eMadadeni igwebe indoda eneminyaka engu-45 ubudala udilikajele ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala, eDanhauser ngo-August 2019.

Isisulu sasisendleleni ebheke kubo ntambama ngezithuba zabo-18:00 ehamba yedwa. Ummangalelwa waqhamuka ngemuva kwesisulu wasibuza ukuthi siphumaphi. Kuthe sebedlula endaweni emnyama, ummangalewa wabamba isisulu wasishaya ngekhanda emlonyeni. Isisulu sawa, ummangalelwa wahosha ummese wawubeka entanyeni kwisisulu wasisabisa ngokuthi uzomnquma uma eke wamemeza wamdlwengula.

Ummangalelwa wasabisa isisulu ngokuthi uzosibulala aqothe nomndeni wakhe wonke uma eke wabika ngodaba.

OLUNYE UDABA: Ugixabezwe ngodilikajele owadlwengula ingane

Isisulu safika ekhaya sabikela uninakhulu ngokwakumehlele, wase embheka lapho ayelimele khona. Kwabikwa udaba emaphoyiseni, kwahanjiswa isisulu emtholampilo iMadadeni Thuthuzela Care Centre (TCC) nokwalandelwa wukuboshwa kukammangalelwa.

UMshushisi uZama Zikalala ubize isisulu njengofakazi, wabiza nodokotela owamhlola noninakhulu okunguyena owabikelwa udaba kuqala.

Isisulu sitshele inkantolo ukuthi isigameko simphazamise emoyeni nasenyameni. Uthe izibazi ziyohlala kuye impilo yakhe yonke.

Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe ukuba nemvume yokuphatha isibhamu futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

Ngokwesitatimende seNPA eKZN, isigwebo sikadilikajele siveza kabanzi ubucayi becala futhi sikhombisa ngokusobala ukuthi amacala ocansi ngeke abekezelelwe labo abawenzile bazobhekana nengalo yomthetho.

I-National Prosecuting Authority (NPA) ayijiki esifungweni sayo sokugcina umthetho, ilwelele izisulu zithole ubulungiswa iphinde ivikele amalungelo abantu ikakhulukazi ababuthaka.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit