
I-National Prosecuting Authority (NPA) ithi icwaninga umyalelo wokuchitha icala likaJoe ‘Ferrari’ Sibanyoni kanye nabanye abathathu asolwa nabo enkantolo.
Icala elibhekene nesikhulu samatekisi kanye nabanye esisolwa naso lisusiwe emabhukwini enkantolo ngenxa yokubambezeleka okungafanele kwalolu daba.
Ngokusho kweMantshi, ukubambezeleka kube ngenxa yokwehluleka komshushisi wombuso uMkhuselo Ntaba ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseKwaggafontein ngoMsombuluko.
OLUNYE UDABA:‘UCat Matlala’, nasolwa nabo babuyela enkantolo
UNtaba wayetshele iMantshi ngoLwesihlanu ukuthi ngeke akwazi ukufika. Naphezu kwalokho, wayalelwa ukuba avele noma kunjalo.
Ngenxa yalokho, imantshi yakuthatha njengokudelela inkantolo, yakhipha nencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.
“Isinqumo esikhishiwe sisidide kakhulu,” kusho okhulumela i-Adv Mthunzi Mhaga.
“Ngakho-ke, sicabanga ukuthola ukuthi bekuyiyona kuphela indlela evumelekile yokuthi lolu daba belungasingathwa kanje,” esho.
Ngokusho kukaMhaga, ukube umshushisi ubengeke aphumelele ukufika enkantolo ngoMsombuluko, imantshi ngabe iqoke ukuhlehlisa udaba lube ngosuku olulandelayo.
Kunokuba ichithe lonke udaba.
USibanyoni kanye nabanye abathathu asolwa nabo baphume enkantolo Bbengamadoda ajabulile nenkantolo icwaza phezulu injabulo.
Laba bebebhekene namacala okuqola imali kanye namacala amabili okushushumbisa imali.
I-NPA imise umshushisi.
