Kuphenywa ngothisha osolwa ngokucijisa abafundi ngomjolo nocansi eWestville

Amaphoyisa aseSydenham aphenya icala lokukhuliswa kwengane kwezocaansi esikoleni saseWestville ngemuva kokuba uthisha wesilisa ethumele imiqhafazo engcolile kumfundi oneminyaka engu-12 ubudala.

Lokhu kuvele ngesikhathi umama wentombazane ebona ushintsho ekuziphatheni kwendodakazi yakhe.

USihlalo weBhodi elilawula isikole, iSchool Government Body(SGB) ePitlochry Primary School, uVeran Jankee, uthi yilapho kwatholakala khona lezi zimanga.

“Ngenhlanhla, umzali wayesephezu kwalo udaba. Lo mzali waqala wenza uphenyo waphinde wathola ukuthi kukhona izingxoxo zaku-TikTok. Ngemuva kokuthola lezi zingxoxo, wahamba wayobika esikoleni ngazo, okuyilapho ke esabe ssiqhubeka nenqubo.”

OLUNYE UDABA: #Justice4Cwecwe: Uhulumeni uxwayisa ngokusebenzisa ‘budedengu’ izinkundla zokuxhumana kulolu daba

Abazali abebevutha bengabaselwe bahlangane ngaphandle kwamasango esikole abekhiyiwe ngoLwesibili ekuseni befuna izimpendulo nokucaciselwa ukuthi yiziphi izinyathelo ezithathwayo ngalo thisha.

Omunye wababhikishi uthi ingane yakhe isanda kuqala ukufunda kulesi sikole kodwa manje usecabanga ukuyikhipha njengoba ebona sengathi izophepha lapho, kunala.

“Ngangiphithanelwa yikhanda. Ubathumela esikoleni, uthembe othisha mase uthola izindaba ezikanje. Kuyimbhudane yangempela futhi ngicabanga ukuthi isikole sesibe namasonto amabili ukuxazulula loludaba kodwa lutho izimpendulo.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMuzi Mahlambi, uthe uphenyo lokuqala luphinde lwaveza izinsolo zokungaziphathi kahle kwabafundi.

“Uthisha uzivumele ngokwakhe ukuthi ukwenzile lokho. Kuthe uma siphenya kabanzi sathola ukuthi useke wenza okufanayo nakwesinye isikole.”

NgoLwesibili ekuseni kumlayezo we-D6 othunyelwe abazali, isikole sithe uthisha umisiwe njengoba kuqhubeka uphenyo.

Intombazane yesikole kuthiwa ithola ukwelulekwa ngokomgqondo.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *