
Amaphoyisa acele usizo lokufuniswa amaphoyisa amathathu anyamalele kusukela ngoLwesithathu.
Esitatimendeni sangoMgqibelo, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlende Mathe uthe abesifazane ababili nowesilisa oyedwa; uKeamogetswe Buys oneminyaka engu-30 ubudala, uBoipelo Senoge, 20, noCebekhulu Linda, 24, bebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo emhlophe besuka eBloemfontein beya endaweni abebesebenzela kuyo eLimpopo ngesikhathi belahleka.
“Indawo yokugcina ababonakale kuyo isegaraji lakwa-Engen eduze kwase-Grasmere toll plaza ku-N1 ngoLwesithathu, 23 April,” kusho uMathe.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba zivele namuhla enkantolo izelamani zaseKZN
“Imishini yokulandelela izimoto kanye namaselula abo icinywe kusukela banyamalala. Inumber plate yemoto yabo ithi-JCL 401 FS.”
Sekusungulwe isikhungo esisebenza amahora angama-24 (i-Venue Operational Center) kanti luyaqhubeka uphenyo olunzulu nethimba labaseshi bezinga eliphezulu kanye nabasebenzi bophiko lwezobunhloli baseGauteng naseFree state.
“The members were off duty at the time and did not make it to their area of deployment. Anyone who may have information on their whereabouts is encouraged to call the investigating officer, Capt Chaacha Manga on 082 527-6099.”
The SAPS is investigating a case of possible hijacking and kidnapping.
“La malungu abengasebenzisi ngaleso sikhathi kanti futhi awazange afike lapho abemele ayosebenzela khoan. Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi akuphi la maphoyisa, ashayele umphenyi wecala uCaptain Chaacha Manga ku-082 527-6099.”
I-SAPS iphenya icala lokuduna imoto nelokuthumba.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
